I-Balgarthen inyukela esicongweni
Ithimba leBalgarthen lihlola umsebenzi emgodini
Ukuduma okungapheli komshini wokumba umba amalahle kungubufakazi bomsebenzi onzima owenzeka eBalgarthen A Shaft. Lo mgodi uqhuba kahle njengoba ngezinye izinyanga ubangaphezu kwezinjongo ezibekiwe.
"Umgomo wethu wenyanga ngamathani angu-42,000. Nokho siwudlulile lo mgomo, okukhombisa ukukhuthala kwethu namandla okudlondlobala ngokukhiqiza amathani angu-76,000 amalahle ngoMfumfu wango-2023,” kusho imenenja jikelele, uPaul Redelinghuys.
I-Balgarthen ingenye yama-Adits enziwe yimayini ukungena ngaphansi eKusipongo enamalahle alinganiselwa kumathani ayizigidi ezingu-41.9, azokwazi ukwandisa isikhathi sokusebenza kweKangra iminyaka engaphezu kwengu-20. Iseningizimu-ntshonalanga ngamakhilomitha alinganiselwa kwangu- 25 e-Udumo, umgodi wokuqala owenziwa ukufinyelela eKusipongo ngo-2022. Ukwakhiwa kweBalgarthen kwaqala ngasemaphethelweni ango-2022.
Ukumba eBalgarthen A kwenziwa ngendlela yebhodi nensika, okuphindwa emva kwama-shift amabili. “Sinethimba elihle eBalgarthern, elisenze sakwazi ukusebenza kahle,” kusho uPaul. I-Balgarthern B, umgodi omi kahle ukuthi ungambeka ngeBalgarthern A yiwona ozolandela ukuthuthukiswa kanti uzoqinisekisa ukuthi iKangra ihlala isebenza futhi ikhiqiza, ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kanjani. Ngasemaphethelweni emayini, iBalagrathen izoba yindawo yokungena emsebenzini weT4, okuzosho ukwanda indawo engambiwa.